Umchazanhlalo
Umchazanhlalo uyisifundo senzululwazi somphakathi wabantu esihlozinga ukuziphatha kwabo, isifanelo zobudlelwane abanabo, ukwenanana kwabo ngokwenhlalo, nezici zesiko eziyamaniswa jempilo yansuku zonke.[1][2][3] Njengenzululwazi yezenhlalo, umchazanhlalo usebenzisa izindlelasu zocwaningo olufuna ubufakazi nesihlaziyo esigxekayo. [4]: 3–5 ukuze ukhulise indikimba yolwazi ephathekene ngohlelo kwezenhlalo nenguquko yezenhlalo. Izihlokondaba zomchazanhlalo zihlanganisa isihlaziyo sezinga elincane sokwenanana kwabantu ngabanye and agency kuya kwisihlaziyo sezinga elikhulu sezimiso zezenhlalo nohlaka lwezenhlalo. Ucwaningo lwezenhlalo olusebenzayo lona lungaqondiswa kwinqubomgomo yezenhlalo nenhlakahle, kuyilapho izinsondelo zomchachiso zona zingahlozinga ekuqondeni imidludlungu yezenhlalo nendlelasu yesimongotho.
Ngokuvamile umchazanhlalo uhlozinga ukungwinbaniswa kwezenhlalo, Isigaba sezenhlalo, ukuntinta kwezenhlalo, umchazanhlalo wenkolo, ezomhlaba, umchazanhlalo wezomthetho, ubulili, ubulilisiqu, uhlanga, imikhuba yezenhlalo, nomhlanglatho. Ucwaningo lakamuva lujobelele izici zobuchwephenhlalo zegebe lezezibhangqiwe njengenhlozingo entsha.[5] Umchazanhlalo wezezibhangqiwe uhlola umthelela wezobuchwepheshe bezezibhangqiwe ekuziphatheni ngokwenhlalo nasesikhungwini, ngokubheka izici zobungcwepheshi, zesihlaziyo, nezomphakathi.[6] Uxhakaxholo seluguqule izinkundla zokuxhumana nobidlelwane bezamandla, kanjalo lugcizelela ukubaluleka okukhulayo komchazanhlalo wezezibhangqiwe.[7] Njengoba yonke imikhakha yobuqhebeqhebe yomuntu ikhinyabezwa ukuxhumana okuphakathi kohlaka lwezenhlalo ne-agency yomuntu, umchazanhlalo sewuyandisile inhlozingo yawo kwesinye izihlokondaba nezikhungo, ezifana nonhlazanhlalo wezempilo, nomchazanhlalo wezokwelapha; umchazanhlalo wezempi, umchazanhlalo wesijeziso nomchachiso wokulawula; umchazanhlalo woxhakaxholo; umchazanhlalo wezemfundo; kanye neqhaza lobuqhebeqhebe bezenhlalo ekuthuthukisweni komchazanhlalo wolwazi lwenzululwazi.
uMsukagama
[hlela | Hlela umthombo]yigama elihumusha elithi sociology(lisuka kwisiLathini: socius- umphakathi; isiGriki: logos: isifundo) lisho isifundo senzululwazi somphakathi wabantu esigxile emphakathini, ukuziphatha kwabantu emphakathini, izindlela zobudlelwano bomphakathi, ekuxhumaneni nabantu, kanye nemikhakha yesiko ehlobene nokuphila kwemihla ngemihla.[8][9][10] Igama elithi sociology laqanjwa ngasekupheleni kwekhulunyaka le-18 ukuchaza ucwaningo lwenzululwazi lomphakathi.[11]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "sociology". Kulandwe ngomhlaka 20 April 2020.
- ↑ Dictionary of the Social Sciences (2008). Calhoun, Craig, ed. "Sociology". New York: Oxford University Press – via American Sociological Association. Unknown parameter
|orig-date=ignored (help) - ↑ "Sociology: A 21st Century Major" (PDF). Colgate University. American Sociological Association. Archived from the original (PDF) on 18 October 2017. Kulandwe ngomhlaka 19 July 2017.
- ↑ Ashley, David; Orenstein, David M. (2005). Sociological Theory: Classical Statements (6th ed.). Boston: Pearson Education.
- ↑ Yang, Jianghua (2023-11-13). "Beyond structural inequality: a socio-technical approach to the digital divide in the platform environment". Humanities and Social Sciences Communications. 10. doi:10.1057/s41599-023-02326-1. Unknown parameter
|s2cid=ignored (help); Unknown parameter|article-number=ignored (help) - ↑ Lupton, Deborah (2015). Digital Sociology. Routledge. ISBN 978-0415833603 Check
|isbn=value: checksum (help). - ↑ Castells, Manuel (2001). The Internet Galaxy: Reflections on the Internet, Business, and Society. Oxford University Press. ISBN 978-0-19-925577-1.
- ↑ "sociology". Retrieved 20 April 2020.
- ↑ Dictionary of the Social Sciences (2008) [2002]. Calhoun, Craig (ed.). "Sociology". New York: Oxford University Press – via American Sociological Association.
- ↑ "Sociology: A 21st Century Major" (PDF). Colgate University. American Sociological Association. Archived from the original (PDF) on 18 October 2017. Retrieved 19 July 2017.
- ↑ Fauré, Michel; Guilhaumou, Jean-Pierre; Vallier, Christian (1999). Sieyès et l'invention de la sociologie. Presses Universitaires de France. ISBN 978-2130497499.
{{cite book}}: Check|isbn=value: see checksum (help)